Izenzo
Izahluko 7:38-44
Ibhayibheli Elingcwele
38Nguye lowo owayesebandleni ehlane kanye nengelosi eyakhuluma naye entabeni yaseSinayi kanye nawobaba, nowamukela amazwi okuphila, ukuze aninike wona.
39 “Kepha obaba abavumanga ukumlalela, kodwa bamhlohloloza, babuyela emuva eGibithe ngezinhliziyo zabo,
40bathi ku-Aroni: ‘Senzele onkulunkulu abazakuhamba phambi kwethu; ngokuba uMose lowo owasikhipha ezweni laseGibithe, asazi ukuba wehlelwe yini.’
41Benza ithole ngaleyo mihla, baletha umhlatshelo esithombeni, bajabula ngemisebenzi yezandla zabo.
42Kepha uNkulunkulu wabafulathela, wabadedela ukuba bakhonze ibandla lezulu, njengokuba kulotshiwe encwadini yabaprofethi ukuthi:“ ‘Naningilethela iminikelo nemihlatsheloiminyaka engamashumi amane ehlanenina ndlu ka-Israyeli na?
43Qha, nathatha itende likaMolokinenkanyezi kankulunkulu uRemfani,imifanekiso enayenza ukuba nikhuleke kuyo.Ngiyakunimukisela ngaphambili kweBabiloni.’
44 “Kwakukhona itende lobufakazi kobaba ehlane njengalokho akuyalayo yena owakhuluma noMose ukuba alenze ngomfanekiso abewubonile;