48 “Kodwa oPhezukonke akahlali ezindlini ezenziwe ngezandla njengokusho komprofethi ukuthi:
49 “ ‘Izulu liyisihlalo sami sobukhosi,nomhlaba uyisenabelo sezinyawo zami;ngenjani indlu eniyakungakhela yona,’ isho iNkosi,‘noma yiyiphi indawo yamiyokuphumula na?
50 Isandla sami asikwenzangakonke lokho na?’
51 “Nina bantamo zilukhuni, abangasokile ezinhliziyweni nasezindlebeni, nimelana njalo noMoya oNgcwele; njengoyihlo ninjalo nani.
52 Ngumuphi kubaprofethi oyihlo abangamzingelanga na? Bababulala ababememezela ngaphambili ukuza koLungileyo, eseningabakhapheli nababulali bakhe,
53 nina enamukela umthetho ngokuyala kwezingelosi, kepha aniwugcinanga.”
54 Kwathi bekuzwa lokho, bahlabeka ezinhliziyweni, bamgugudela amazinyo.