27 Wayesesuka wahamba. Bheka, nansi indoda yase-Etiyopiya, umthenwa, isikhulu sikaKhandakhe inkosikazi yase-Etiyopiya, ebiphezu kwengcebo yayo yonke, ebifikile eJerusalema izakukhuleka;
28 ibisibuya, ihlezi enqoleni yayo, ifunda umprofethi u-Isaya.
29 UMoya wathi kuFiliphu: “Sondela, unamathele kuleyo nqola.”
30 UFiliphu wayesegijimela kuyo, wayizwa ifunda umprofethi u-Isaya, wathi: “Uyakuqonda kambe lokhu okufundayo na?”
31 Yona yathi: “Ngingakwazi kanjani, uma kungekho ongiholayo na?” Yamnxusa uFiliphu ukuba akhwele ahlale nayo.
32 Kepha isahlukwana sombhalo ebisifunda yilesi esithi:“Wayiswa ekuhlatshweni njengemvu;njengewundlu elithule phambi komgundi walokanjalo kawuvulanga umlomo wakhe.
33 Ekuthobeleni kwakheukwahlulelwa kwakhe kwasuswa.Ngubani ongalanda ngesizukulwane sakhe na?Ngokuba ukuphila kwakhe kuyasuswa emhlabeni.”