19 esedlile wathola amandla.Wahlala nabafundi baseDamaseku izinsuku ezithile.
20 Masinyane washumayela emasinagogeni* ngoJesu ukuthi yena uyiNdodana kaNkulunkulu.
21 Kepha bamangala bonke abezwayo, bathi: “Lo asiye yini owachitha eJerusalema abakhuleka kulelo gama, nalapha uze ngalokhu ukuba abaqhube beboshiwe kubapristi abakhulu na?”
22 Kodwa uSawulu wakhula kakhulu emandleni, wahlula abaJuda abakhileyo eDamaseku eqinisa ukuthi lowo unguKristu.
23 Sekudlule izinsuku eziningi, abaJuda benza icebo lokuba bambulale.
24 Kepha icebo labo laziwa nguSawulu. Babemhlalela nasemasangweni imini nobusuku ukuba bambulale.
25 Abafundi base bemthatha ebusuku, bamehlisa ogangeni, bemewula ngeqoma.