24 Kepha icebo labo laziwa nguSawulu. Babemhlalela nasemasangweni imini nobusuku ukuba bambulale.
25 Abafundi base bemthatha ebusuku, bamehlisa ogangeni, bemewula ngeqoma.
26 Esefikile eJerusalema wazama ukuzihlanganisa nabafundi; kepha bonke bamesaba, bengakholwa ukuthi ungumfundi.
27 Kodwa uBarnaba wamthatha, wamyisa kubaphostoli, wabalandisa ngokuthi uyibonile iNkosi endleleni, nokuthi ikhulumile kuye, nokuthi eDamaseku wayeshumayele ngesibindi ngegama likaJesu.
28 Wayenabo eJerusalema, engena ephuma, eshumayela ngesibindi ngegama leNkosi,
29 ekhuluma ephikisana nabaJuda abakhuluma isiGreki; bona bazama ukumbulala.
30 Abazalwane sebekwazi lokho bamehlisela eKesariya, bamthumela eTarsu.