27 Kodwa uBarnaba wamthatha, wamyisa kubaphostoli, wabalandisa ngokuthi uyibonile iNkosi endleleni, nokuthi ikhulumile kuye, nokuthi eDamaseku wayeshumayele ngesibindi ngegama likaJesu.
28 Wayenabo eJerusalema, engena ephuma, eshumayela ngesibindi ngegama leNkosi,
29 ekhuluma ephikisana nabaJuda abakhuluma isiGreki; bona bazama ukumbulala.
30 Abazalwane sebekwazi lokho bamehlisela eKesariya, bamthumela eTarsu.
31 Njalo-ke ibandla laba nokuthula kulo lonke laseJudiya, naseGalile, naseSamariya, lakheka, lihamba ekwesabeni iNkosi, landa ngenduduzo kaMoya oNgcwele.
32 Kwathi uPetru ehambela izindawo zonke, wehlela nakwabangcwele abakhe eLida.
33 Wafumana khona umuntu othile ogama lakhe lingu-Eneya, owayeselele ecansini iminyaka eyisishiyagalombili efe uhlangothi.