40 Kepha uPetru wabakhipha bonke, waguqa ngamadolo, wakhuleka, waphendukela esidunjini, wathi: “Thabitha, vuka!” Wayesevula amehlo akhe, wabona uPetru, walulama.
41 Yena wambamba ngesandla, wamsukumisa. Wayesebiza abangcwele nabafelokazi, wambeka phambi kwabo ephilile.
42 Kwezwakala lokho kulo lonke iJopha; abaningi bakholwa yiNkosi.
43 Wayesehlala izinsuku eziningi eJopha kwaSimoni umshuki.