Kuthithu 3 ZUL59

Ukulalela amakhosi

1 Bakhumbuze ukuba bathobele ababusi neziphathimandla, balalele, balungele imisebenzi yonke emihle,

2 bangahlambalazi muntu, bangabi yizilwi, babe ngabavileyo, bebonakalisa ubumnene obukhulu kubantu bonke.

3 Ngokuba nathi kade sasiyiziwula, abangalaleliyo, abadukiswayo, sikhonza izinkanuko nokutamasa okuyizinhlobonhlobo, sihlezi ebubini nangomhawu, sizondekile sizondana.

4 Kepha lapho sekubonakalisiwe ububele bukaNkulunkulu uMsindisi wethu nothando lwakhe kubantu,

5 wasisindisa kungengamisebenzi yokulunga esayenzayo thina kepha ngokwesihawu sakhe ngesigezo sokuphindukuzalwa nokwenziwa sibe basha ngoMoya oNgcwele,

6 amthelayo kakhulu phezu kwethu ngaye uJesu Kristu uMsindisi wethu,

7 ukuze silungisiswe ngomusa wakhe, sibe yizindlalifa zokuphila okuphakade ngokwethemba.

Xwaya izifundiso zamanga

8 Lithembekile leli zwi. Ngithanda ukuba uqinise impela ngalezo zinto, ukuze abakholwa nguNkulunkulu bakhuthalele ukwenza imisebenzi emihle. Lezo zinto zinhle, zinosizo kubantu;

9 kepha gwema imibuzo yobuwula, nezindaba zolibo lokuzalana, nokubanga nokuphikisana ngomthetho; ngokuba lokho akusizi, kuyize.

10 Umuntu onezifundiso ezidukisayo, eselulekwe kanye nakabili male,

11 wazi ukuthi onjalo uphambukile, uyona, ezahlulela yena.

Isigcino

12 Nxa sengithuma u-Arethema noma uThikhiku kuwe, woshesha ukuza kimi eNikopholi; ngokuba nginqumile ukuthi ngizakuhlala lapho ubusika.

13 UZena, ummeli, no-Apholo wobahambisa ngokunakekela, bangasweli lutho.

14 Nabakithi mabafunde ukukhuthalela imisebenzi emihle njengokuswelekileyo, ukuze bangabi ngabangenazithelo.

15 Bonke abanami bayakhonza kuwe. Khonza kwabasithandayo ekukholweni.Umusa mawube nani nonke.

Izahluko

1 2 3