1 Kwathi emva kweminyaka eyishumi nane ngabuye ngenyukela eJerusalema kanye noBarnaba, ngithatha noThithu futhi.
2 Kepha ngenyukela ngambulelwe; ngabalandisa ivangeli engilishumayela phakathi kwabezizwe, kepha phambi kwabadumileyo bebodwa, funa mhlawumbe kungaba ngukuthi ngigijimela ize, noma sengagijimela ize.
3 Kepha ngisho noThithu owayenami engumGreki kaphoqwanga ukuba asoke.
4 Kepha kwaba ngenxa yabazalwane bamanga abangeniswa ngasese, abangena ngokunyenya, bezakuhlola ukukhululeka kwethu esinakho kuKristu Jesu, ukuze basenze izigqila,
5 esingabahlehlelanga nasikhashana ngokubathobela, ukuze iqiniso levangeli lime njalo kinina.
6 Kepha kwabadumile ngokuthi bayinto -- nokuba babe yini, akulutho kimi; uNkulunkulu akakhethi ubuso bamuntu -- ngokuba kimi abadumileyo abenezelanga lutho.
7 Kepha kunalokho, lapho bebona ukuthi ngithenjiwe ngevangeli kwabangasokiyo njengoPetru kwabasokayo,