1 Ekuqaleni wayekhona uLizwi, uLizwi wayekuNkulunkulu, uLizwi wayenguNkulunkulu.
2 Yena lowo wayekhona ekuqaleni kuNkulunkulu.
3 Konke kwavela ngaye; ngaphandle kwakhe akuvelanga lutho kukho konke okuvelileyo.
4 Ukuphila kwakukuye, ukuphila kwakungukukhanya kwabantu;
5 ukukhanya kukhanya ebumnyameni, kepha ubumnyama abukwamukelanga.
6 Kwavela umuntu ethunyiwe nguNkulunkulu, igama lakhe linguJohane.
7 Lowo wezela ubufakazi ukuba afakaze ngokukhanya, ukuze bonke bakholwe ngaye.