Ngokukajohane 21 ZUL59

UJesu uzibonakalisa kubafundi ngaselwandle lwaseTiberiya

1 Emva kwalokho uJesu wabuye wazibonakalisa kubafundi ngaselwandle lwaseTiberiya; wazibonakalisa kanje:

2 kwakukhona ndawonye oSimoni Petru, noTomase othiwa uDidimu, noNathanayeli waseKhana laseGalile, nabakaZebedewu, nabanye ababili kubafundi bakhe.

3 USimoni Petru wathi kubo: “Ngiya kodoba.”Bathi kuye: “Nathi sihamba nawe.” Base bephuma, bangena emkhunjini; kepha ngalobo busuku ababambanga lutho.

4 Kuthe sekusa, uJesu wayemi ogwini. Kepha abafundi babengazi ukuthi nguJesu.

5 UJesu wathi-ke kubo: “Bantwana, aninakho ukudla na?”Bamphendula bathi: “Qha.”

6 Wayesethi kubo: “Phonsani inetha ngakwesokunene somkhumbi, nizakuthola.” Base bephonsa, ababe besaba namandla ukulidonsa ngenxa yobuningi bezinhlanzi.

7 Khona lowo mfundi uJesu amthandayo wathi kuPetru: “YiNkosi.” USimoni Petru, ekuzwa ukuthi yiNkosi, wagqoka, ngokuba wayehamba ze, waziphonsa elwandle.

8 Kepha abanye abafundi beza ngesikebhe, ngokuba bebengekude nenhlabathi kepha kungathi izingalo ezingamakhulu amabili, bedonsa inetha linezinhlanzi.

9 Kuthe sebephumele emhlabathini, babona umlilo wamalahle, nezinhlanzi zibekwe kuwo, nesinkwa.

10 UJesu wathi kubo: “Lethani izinhlanzi kwenizibambe manje.”

11 Wasuka uSimoni Petru, walihudulela emhlabathini inetha. Ligcwele izinhlanzi ezinkulu, ziyikhulu namashumi ayisihlanu nantathu; noma zingako, inetha alidabukanga.

12 UJesu wathi kubo: “Wozani nidle.” Kepha akwabakho kubafundi owaba nesibindi sokumbuza ngokuthi: “Ungubani wena na?” Bazi ukuthi yiyo iNkosi.

13 UJesu weza, wathabatha isinkwa, wabapha, nezinhlanzi futhi.

14 Lokho sekungokwesithathu uJesu ebonakaliswa kubafundi, esevukile kwabafileyo.

Ukuvivinywa kukaPetru

15 Khona sebedlile uJesu wathi kuSimoni Petru: “Simoni kaJona, uyangithanda kunalaba na?”Wathi kuye: “Yebo, Nkosi, uyazi wena ukuthi ngiyakuthanda.”Wathi kuye: “Yipha amawundlu ami.”

16 Wabuye wathi kuye ngokwesibili: “Simoni kaJona, uyangithanda na?”Wathi kuye: “Yebo, Nkosi, uyazi wena ukuthi ngiyakuthanda.”Wathi kuye: “Yalusa izimvu zami.”

17 Wathi kuye ngokwesithathu: “Simoni kaJona, uyangithanda na?”UPetru wadabuka ngokuba wathi kuye ngokwesithathu: “Uyangithanda na?” Wathi kuye: “Nkosi, wazi konke wena, uyazi ukuthi ngiyakuthanda.”UJesu wathi kuye: “Yipha izimvu zami.

18 Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Usemusha wawugqoka, uhambe lapho uthanda khona; kepha nxa usumdala, uyakwelula izandla zakho, omunye akugqokise, akuyise lapho ungathandi khona.

19 Kepha wakusho lokho ekhomba ukufa azakumdumisa uNkulunkulu ngakho.” Eseshilo lokho wathi: “Ngilandele.”

20 UPetru ephenduka wabona umfundi uJesu amthandayo elandela, oyena futhi wayencike esifubeni sakhe ekudleni, nowathi: “Nkosi, ngubani ozakukukhaphela na?”

21 Kuthe uPetru embona lowo, wathi kuJesu: “Nkosi, kepha lona, pho?”

22 UJesu wathi kuye: “Uma ngithanda ukuba ahlale ngize ngifike, kuyini kuwe na? Wena landela mina.”

23 Ngakho-ke leli zwi laphumela kubazalwane lokuthi lowo mfundi akayikufa. Kanti uJesu akashongo ukuthi akayikufa kodwa ukuthi: “Uma ngithanda ukuba ahlale ngize ngifike, kuyini kuwe na?”

Isigcino

24 Nguye lo mfundi ofakaza ngalezi zinto nokulobile lokhu; siyazi ukuthi ubufakazi bakhe buqinisile.

25 Kukhona nezinye izinto eziningi azenza uJesu; uma zilotshiwe zona ngazinye, ngithi nezwe lonke lingezanele izincwadi ezingalotshwa.

Izahluko

1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21