25 Bambuza-ke, bathi kuye: “Pho, ubhapathizelani, uma ungesiye uKristu, no-Eliya, nomProfethi, na?”
26 UJohane wabaphendula wathi: “Mina ngibhapathiza ngamanzi; umi phakathi kwenu eningamaziyo:
27 yena ozayo emva kwami, omchilo wesicathulo sakhe ngingafanele ukuwuthukulula.”
28 Lokho kwenzeka eBethabara ngaphesheya kweJordani, lapho uJohane wayebhapathiza khona.
29 Ngangomuso wabona uJesu eza kuye, wathi: “Bheka, iWundlu likaNkulunkulu elisusa izono zezwe.
30 Nguye ebengisho ngaye, ngithi: ‘Emva kwami kuza umuntu owavela ngaphambi kwami, ngokuba wayekhona kuqala kunami.’
31 Nami bengingamazi; kodwa ukuze abonakaliswe ku-Israyeli, ngalokho ngizile ngibhapathiza ngamanzi.”