6 Kwavela umuntu ethunyiwe nguNkulunkulu, igama lakhe linguJohane.
7 Lowo wezela ubufakazi ukuba afakaze ngokukhanya, ukuze bonke bakholwe ngaye.
8 Yena wayengesikho ukukhanya, kepha wayengozofakaza ngokukhanya.
9 Kwakungukukhanya okuqinisileyo okukhanyisa wonke umuntu, okwase kuza ezweni.
10 Wayekhona ezweni, izwe lavela ngaye; kepha izwe alimazanga.
11 Weza kokwakhe, abakhe abamamukelanga.
12 Kepha bonke abamamukelayo wabapha amandla okuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe,