1 “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Ongangeni ngesango esibayeni sezimvu, kodwa ekhwela ngenye indawo, lowo uyisela nomphangi.
2 Kepha ongena ngesango ungumalusi wezimvu.
3 Umlindisango uyamvulela lowo; nezimvu ziyalizwa izwi lakhe; ubiza ezakhe izimvu ngamagama, aziholele phandle.
4 Nxa esezikhiphile ezakhe zonke, uhamba phambi kwazo, izimvu zimlandele, ngokuba zilazi izwi lakhe.