32 UJesu wabaphendula wathi: “Nginitshengise imisebenzi eminingi emihle evela kuBaba; yimuphi umsebenzi kulena eningikhandela wona na?”
33 Bamphendula abaJuda, bathi: “Asikukhandi ngenxa yomsebenzi omuhle kepha ngenxa yokuhlambalaza, ngokuba wena ungumuntu ozenza uNkulunkulu.”
34 UJesu wabaphendula wathi: “Akulotshiwe yini emthethweni wakini ukuthi: ‘Ngithe: Ningonkulunkulu,’ na?
35 Uma wathi bangonkulunkulu bona eleza kubo izwi likaNkulunkulu -- nombhalo ungeqiwe --
36 nithi ngaye uYise amahlukanisileyo, wamthumela ezweni, ukuba uyahlambalaza, ngokuba ngithe: ‘NgiyiNdodana kaNkulunkulu,’ na?
37 Uma ngingenzi imisebenzi kaBaba, maningakholwa yimi.
38 Kepha uma ngiyenza, nakuba ningakholwa yimi, kholwani yimisebenzi, ukuze nazi, niqonde ukuthi uBaba ukimi, nami ngikuBaba.”