6 UJesu washo lo mfanekiso kubo; kepha bona abezwisisanga ukuba kuyini lokho akukhuluma kubo.
7 Ngakho-ke uJesu wabuye wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Mina ngiyisango lezimvu.
8 Bonke abafike ngaphambi kwami bangamasela nabaphangi, kepha izimvu azibezwanga.
9 Mina ngiyisango; uma umuntu engena ngami, uyakusindiswa, angene, aphume, afumane idlelo.
10 Isela kalizi kungengokweba nokubulala nokubhubhisa; mina ngize ukuba babe nokuphila, babe nakho kuchichime.
11 “Ngingumalusi omuhle. Umalusi omuhle udela ukuphila kwakhe ngenxa yezimvu.
12 Okhokhelwayo engesiye umalusi, izimvu zingesizo ezakhe, ebona impisi iza, ushiya izimvu, abaleke -- impisi izibhozomele, izihlakaze --