18 IBethaniya laliseduze neJerusalema, kungaba ngamastadiyu* ayishumi nanhlanu.
19 Abaningi kubaJuda babefikile koMarta noMariya ukubakhuza ngomnewabo.
20 Ngakho uMarta esezwe ukuthi uJesu uyeza, waya ukumhlangabeza, kepha uMariya wahlala endlini.
21 Wayesethi uMarta kuJesu: “Nkosi, uma ubukhona, umnewethu nga engafanga;
22 kepha ngiyazi nakalokhu ukuthi nokuba yini ongakucela kuNkulunkulu, uNkulunkulu uzakukunika khona.”
23 UJesu wathi kuye: “Umnewenu uzakuvuka.”
24 UMarta wathi kuye: “Ngiyazi ukuthi uyakuvuka ekuvukeni ngosuku lokugcina.”