10 Kepha abapristi abakhulu benza icebo lokuba babulale noLazaru,
11 ngokuba ngenxa yakhe abaningi babaJuda bamuka bakholwa nguJesu.
12 Ngangomuso abantu abaningi abafike emkhosini sebezwile ukuthi uJesu uyeza eJerusalema,
13 bathatha amahlamvu esundu, baphuma ukumhlangabeza. Bamemeza bathi:“Hosiyana!Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi,yebo, iNkosi ka-Israyeli.”
14 UJesu esefumene imbongolo entsha wakhwela kuyo njengokulotshiwe ukuthi:
15 “Ungesabi, ndodakazi yaseSiyoni;bheka, iNkosi yakho iza,ikhwele etholeni lembongolo.”
16 Lokho abafundi bakhe abakuqondanga ekuqaleni; kodwa esekhazimulisiwe uJesu, base bekhumbula ukuthi kulotshiwe lokho ngaye nokuthi babekwenzile lokho kuye.