2 Base bemenzela ukudla khona; uMarta wayephaka, kepha uLazaru wayengomunye wababehlezi ekudleni naye.
3 UMariya wayesethatha ilitra* lamafutha enadi* lodwa elinenani elikhulu, wagcoba izinyawo zikaJesu, wesula izinyawo zakhe ngezinwele zakhe; indlu yagcwala iphunga lamafutha.
4 Kepha uJuda Iskariyothe, omunye wabafundi bakhe obezakumkhaphela, wathi:
5 “Yini ukuba lawa mafutha engathengiswanga ngawodenariyu* abangamakhulu amathathu, kwaphiwa abampofu, na?”
6 Washo lokho kungengokuba ekhathalele abampofu, kepha ngokuba eyisela, ephethe isikhwama, eba okufakwa kuso.
7 Ngakho uJesu wathi: “Myeke ukuba awalondolozele usuku lokumbelwa kwami.
8 Ngokuba abampofu ninabo njalo, kepha mina aninami njalo.”