36 Nise nokukhanya kholwani ngukukhanya, ukuze nibe ngabantwana bokukhanya.” Washo lokho uJesu, wamuka, wasithela kubo.
37 Kepha noma ebezenzile izibonakaliso ezingaka phambi kwabo, abakholwanga nguye
38 ukuba izwi lika-Isaya umprofethi ligcwaliseke, alikhuluma lokuthi:“Nkosi, ngubani owakholwa ngukushumayela kwethu na?Ingalo yeNkosi yambulelwa bani na?”
39 Ngalokho babengekholwe, ngokuba u-Isaya washo futhi ukuthi:
40 “Uphuphuthekisile amehlo abo,wayenza lukhuni inhliziyo yabo,funa babone ngamehlo,baqonde ngenhliziyo,baphenduke, ngibaphulukise.”
41 U-Isaya wakusho lokho, ngokuba ebona inkazimulo yakhe, ekhuluma ngaye.
42 Nokho abaningi nasezikhulwini bakholwa nguye, kodwa ngenxa yabaFarisi abakuvumanga, funa bakhishwe esinagogeni;*