6 Washo lokho kungengokuba ekhathalele abampofu, kepha ngokuba eyisela, ephethe isikhwama, eba okufakwa kuso.
7 Ngakho uJesu wathi: “Myeke ukuba awalondolozele usuku lokumbelwa kwami.
8 Ngokuba abampofu ninabo njalo, kepha mina aninami njalo.”
9 Ngakho isixuku esikhulu sabaJuda sezwa ukuthi ulapho. Beza-ke kungengenxa kaJesu kuphela, kepha nokuba babone uLazaru abemvusile kwabafileyo.
10 Kepha abapristi abakhulu benza icebo lokuba babulale noLazaru,
11 ngokuba ngenxa yakhe abaningi babaJuda bamuka bakholwa nguJesu.
12 Ngangomuso abantu abaningi abafike emkhosini sebezwile ukuthi uJesu uyeza eJerusalema,