30 Kuthe eseluthathile ucezu waphuma masinyane; kwakuse busuku.
31 Ngakho esephumile, uJesu wathi: “Kalokhu iNdodana yomuntu ikhazimulisiwe, noNkulunkulu ukhazimulisiwe kuyo.
32 Uma uNkulunkulu ekhazimulisiwe kuyo, noNkulunkulu uyakuyikhazimulisa kuye, uyakuyikhazimulisa masinyane.
33 “Bantwanyana, ngise khona nani isikhashana. Niyakungifuna, nanjengalokho ngasho kubaJuda ukuthi lapho ngiya khona ningeze nina, ngisho nakinina manje.
34 “Ngininika umyalo omusha wokuba nithandane; njengalokhu nginithandile, nani nithandane.
35 Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.”
36 USimoni Petru wathi kuye: “Nkosi, uya ngaphi na?”UJesu waphendula wathi: “Lapho ngiya khona, ungengilandele kalokhu; kepha uyakungilandela kamuva.”