13 Noma yini eniyakukucela egameni lami ngiyakukwenza ukuba uBaba akhazimuliswe eNdodaneni.
14 Uma nicela utho kimi egameni lami, ngolwenza.
15 “Uma ningithanda, niyakugcina imiyalo yami.
16 Ngiyakucela kuBaba aniphe omunye uMduduzi wokuba ahlale kini phakade,
17 uMoya weqiniso, izwe elingemamukele, ngokuba lingamboni, lingamazi; nina niyamazi yena, ngokuba uhlala nani, uyakuba kini.
18 Angiyikunishiya niyizintandane; ngiyeza kini.
19 Kuseyisikhashana izwe lingasangiboni, kepha niyangibona nina, ngokuba ngiphila mina, nani nizakuphila.