23 Ngalolo suku aniyikubuza lutho kimi. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Lokhu eniyakukucela kuBaba egameni lami uyakuninika khona.
24 Kuze kube kalokhu anicelanga lutho egameni lami. Celani, niyakwamukeliswa ukuba intokozo yenu igcwale.
25 “Ngikhulume lokho kini ngemifanekiso; isikhathi siyeza, lapho ngingasayikukhuluma ngemifanekiso; kodwa ngiyakunitshela ngoBaba ngokusobala.
26 Ngalelo langa niyakucela egameni lami; angisho kini ukuthi ngiyakunicelela mina kuBaba;
27 ngokuba uBaba uqobo uyanithanda, ngokuba ningithandile nina, nakholwa ukuthi mina ngavela kuNkulunkulu.
28 Ngavela kuBaba, ngeza ezweni; ngiyalishiya futhi izwe, ngibuyela kuBaba.”
29 Abafundi bakhe bathi kuye: “Bheka, manje usukhuluma ngokusobala, awusakhulumi mfanekiso.