14 Mina ngibanikile izwi lakho; izwe labazonda, ngokuba bengesibo abezwe, njengalokhu nami angisiye owezwe.
15 Angiceli ukuba ubasuse ezweni; kepha ngicela ukuba ubalonde kokubi.
16 Abasibo abezwe, njengalokhu nami angisiye owezwe.
17 Bangcwelise ngeqiniso, izwi lakho liyiqiniso.
18 Njengalokho wangithumela ezweni, nami ngibathumela ezweni.
19 Ngiyazingcwelisa ngenxa yabo ukuba bangcweliswe nabo ngeqiniso.
20 “Angiceleli laba bodwa kepha nalabo abakholwa yimi ngezwi labo