16 Abasibo abezwe, njengalokhu nami angisiye owezwe.
17 Bangcwelise ngeqiniso, izwi lakho liyiqiniso.
18 Njengalokho wangithumela ezweni, nami ngibathumela ezweni.
19 Ngiyazingcwelisa ngenxa yabo ukuba bangcweliswe nabo ngeqiniso.
20 “Angiceleli laba bodwa kepha nalabo abakholwa yimi ngezwi labo
21 ukuba bonke babe munye, njengalokhu wena Baba ukimi, nami ngikuwe, ukuba nabo babe kithina, ukuze izwe likholwe ukuthi wena ungithumile.
22 Nenkazimulo ongiphe yona ngiyiphile bona, ukuze babe munye, njengalokhu thina simunye,