21 Ubuzelani kimi na? Buza kulabo abezwile lokho engakukhuluma kubo; bheka, bona bayakwazi engakushoyo.”
22 Esasho lokho, esinye isikhonzi esasimi khona sammukula uJesu, sathi: “Uphendula umpristi omkhulu kanjalo na?”
23 UJesu wasiphendula wathi: “Uma ngikhulume kabi, fakaza ngalobo bubi; kodwa uma kukuhle, ungishayelani na?”
24 U-Anase wamthumela eboshiwe kuKayafase umpristi omkhulu.
25 Kepha uSimoni Petru wayemi otha. Bathi-ke kuye: “Imbala nawe awusiye owabafundi bakhe na?”Waphika yena, wathi: “Angisiye.”
26 Enye yezinceku zompristi omkhulu, eyisihlobo salowo ondlebe yaso uPetru abeyinqumile, yathi: “Angikubonanga yini mina ensimini unaye na?”
27 Wabuye waphika uPetru; masinyane lakhala iqhude.