9 ukuba ligcwaliseke izwi alishiloyo lokuthi: “Kulabo ongiphe bona angilahlekelwanga namunye.”
10 USimoni Petru enenkemba wayihosha, wayigenca inceku yompristi omkhulu, wayinquma indlebe yokunene. Igama lenceku lalinguMalkusi.
11 Khona uJesu wathi kuPetru: “Faka inkemba emgodleni wayo; angiyikusiphuza kanti isitsha anginike sona uBaba na?”
12 Njalo-ke isigaba nenduna yenkulungwane nezikhonzi zabaJuda bambamba uJesu, bambopha;
13 baqala bamyisa ku-Anase, ngokuba engumukhwe kaKayafase obengumpristi omkhulu walowo mnyaka.
14 UKayafase kambe nguye owaluleka abaJuda ngokuthi kubalungele ukuba kufe umumtu abe munye ngenxa yesizwe.
15 USimoni Petru walandela uJesu nomunye umfundi. Lowo mfundi wayaziwa ngumpristi omkhulu, wangena noJesu egcekeni lompristi omkhulu;