16 Wayesemnikela kubo ukuba abethelwe esiphambanweni.Bamthatha-ke uJesu, bahamba naye.
17 Waphuma ezithwalele isiphambano, waya endaweni ethiwa iNdawo Yekhanda, ethiwa ngesiHeberu iGolgotha.
18 Bambethela khona nabanye ababili kanye naye ngalapha nangalapha, uJesu ephakathi.
19 Kepha uPilatu waloba isaziso, wasibeka esiphambanweni. Kwakulotshiwe ukuthi: UJESU WASENAZARETHA, INKOSI YABAJUDA.
20 Khona abaningi babaJuda bafunda leso saziso; ngokuba indawo leyo, lapho uJesu wabethelwa khona esiphambanweni, yayiseduze nomuzi. Kwakulotshiwe ngesiHeberu, nangesiRoma, nangesiGreki.
21 Base bethi abapristi abakhulu babaJuda kuPilatu: “Ungalobi ukuthi: ‘Inkosi yabaJuda,’ kepha ukuba yena wathi: ‘NgiyiNkosi yabaJuda.’ ”
22 UPilatu waphendula wathi: “Engikulobile ngikulobile.”