26 Emva kwezinsuku eziyisishiyagalombili abafundi bakhe babesendlini futhi, uTomase enabo. UJesu wafika iminyango ivaliwe, wema phakathi kwabo, wathi: “Ukuthula makube kinina.”
27 Wayesethi kuTomase: “Zisa lapha umunwe wakho, ubone izandla zami; zisa isandla sakho, usifake ohlangothini lwami; ungabi ngongakholwayo kodwa okholwayo.”
28 UTomase waphendula, wathi kuye: “Nkosi yami, Nkulunkulu wami!”
29 UJesu wathi kuye: “Ngokuba ungibonile, ukholiwe na? Babusisiwe abakholwa bengabonanga.”
30 Izibonakaliso ezinye eziningi uJesu wazenza phambi kwabafundi bakhe, ezingalotshiwe kule ncwadi.
31 Kodwa lezi zilotshiwe ukuba nikholwe ukuthi uJesu unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu, nokuba nikholwe, nibe nokuphila egameni lakhe.