28 UTomase waphendula, wathi kuye: “Nkosi yami, Nkulunkulu wami!”
29 UJesu wathi kuye: “Ngokuba ungibonile, ukholiwe na? Babusisiwe abakholwa bengabonanga.”
30 Izibonakaliso ezinye eziningi uJesu wazenza phambi kwabafundi bakhe, ezingalotshiwe kule ncwadi.
31 Kodwa lezi zilotshiwe ukuba nikholwe ukuthi uJesu unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu, nokuba nikholwe, nibe nokuphila egameni lakhe.