3 Ngakho wayesephuma uPetru nomunye umfundi, beza ethuneni.
4 Bagijima bobabili kanyekanye; kepha umfundi omunye wagijima kakhulu kunoPetru, wafika kuqala ethuneni;
5 elunguza wabona izindwangu zelineni zikhona, kepha akangenanga.
6 Khona wafika noSimoni Petru emlandela, wangena ethuneni, wabona izindwangu zelineni zikhona,
7 neduku ebelisekhanda lakhe libekiwe lingekho ezindwangwini zelineni, kepha lisongwe lilodwa kwenye indawo.
8 Khona wayesengena nomfundi omunye ofike kuqala ethuneni, wabona, wakholwa;
9 ngokuba bebengakawuqondi umbhalo wokuthi ubefanele ukuvuka kwabafileyo.