6 Khona wafika noSimoni Petru emlandela, wangena ethuneni, wabona izindwangu zelineni zikhona,
7 neduku ebelisekhanda lakhe libekiwe lingekho ezindwangwini zelineni, kepha lisongwe lilodwa kwenye indawo.
8 Khona wayesengena nomfundi omunye ofike kuqala ethuneni, wabona, wakholwa;
9 ngokuba bebengakawuqondi umbhalo wokuthi ubefanele ukuvuka kwabafileyo.
10 Base bemuka abafundi, baphindela kubo.
11 Kepha uMariya wema ethuneni ngaphandle ekhala; esakhala walunguza ethuneni;
12 wabona izingelosi ezimbili zembethe okumhlophe, zihlezi, enye ngasekhanda nenye ngasezinyaweni, lapho isidumbu sikaJesu besilele khona.