32 Akubonileyo nakuzwileyo lokho ufakaza ngakho; kepha akakho owamukela ubufakazi bakhe.
33 Owamukele ubufakazi bakhe ulubekile uphawu lokuthi uNkulunkulu uqinisile.
34 Ngokuba lowo uNkulunkulu amthumileyo ukhuluma amazwi kaNkulunkulu; ngokuba akaniki uMoya ngokulinganisela.
35 UYise uyayithanda iNdodana, wanikela konke esandleni sayo.
36 Okholwa yiNdodana unokuphila okuphakade; kepha ongakholwa yiNdodana kayikubona ukuphila, kodwa intukuthelo kaNkulunkulu ihlezi phezu kwakhe.”