1 Kwathi ukuba iNkosi yazi ukuthi abaFarisi bezwile ukuba uJesu wenza abafundi, ebhapathiza abaningi kunoJohane,
2 ingani uJesu uqobo kabhapathizanga, kodwa kwakubhapathiza abafundi bakhe,
3 yamuka eJudiya, yaphindela eGalile.
4 Kwakuswelekile ukuba adabule iSamariya.
5 Khona wafika emzini waseSamariya ogama lawo yiSikhari, eduze nesiqinti uJakobe asinika uJosefa indodana yakhe.
6 Wawukhona lapho umthombo kaJakobe. Ngakho uJesu ekhathele ukuhamba wayesehlala ngasemthonjeni. Kwakungaba yihora lesithupha.