12 Kanti wena umkhulu yini kunobaba uJakobe owasinika lo mthombo, waphuza kuwo, yena kanye namadodana akhe nemihlambi yakhe, na?”
13 Waphendula uJesu, wathi kuye: “Yilowo nalowo ophuza lawa manzi uyakubuye ome;
14 kepha lowo oyakuphuza amanzi engiyakumnika wona kasayikoma naphakade; kepha amanzi engiyakumnika wona, phakathi kwakhe ayakuba ngumthombo wamanzi aphuphumayo, kube ngukuphila okuphakade.”
15 Owesifazane wathi kuye: “Nkosi, ngiphe lawo manzi ukuba ngingomi, ngingabe ngiseza ukukha lapha.”
16 Wathi kuye: “Hamba ubize indoda yakho, uze lapha.”
17 Owesifazane waphendula wathi: “Anginandoda.”UJesu wathi kuye: “Usho kahle ukuthi: ‘Anginandoda;’
18 ngokuba usuke waba namadoda ayisihlanu; le onayo kalokhu akusiyo indoda yakho. Lokhu ukusho ngeqiniso.”