1 Emva kwalokho uJesu wamuka waya phesheya kolwandle lwaseGalile olungolwaseTiberiya.
2 Samlandela isixuku esikhulu, ngokuba babebona izibonakaliso azenzayo kwabagulayo.
3 UJesu wenyukela entabeni, wahlala phansi khona nabafundi bakhe.
4 Laliseduze iPhasika, umkhosi wabaJuda.
5 Kuthe uJesu ephakamisa amehlo, wabona ukuthi isixuku esikhulu siza kuye, wathi kuFiliphu: “Sizakuzithengaphi izinkwa ukuba badle laba na?”