22 Ngokuba uMose uninikile ukusoka -- kungesikho ukuthi kuvela kuMose kodwa kokhokho -- niyamsoka umuntu nangesabatha.
23 Uma umuntu amukela ukusoka ngesabatha ukuze kungeqiwa umthetho kaMose, pho, ningithukuthelela ngokuba ngaphulukisa umuntu ngokuphelele ngesabatha na?
24 Ningahluleli ngokwamehlo, kepha yahlulelani ukwahlulela okulungileyo.”
25 Base bethi abanye kwabaseJerusalema: “Lo akusiye yini abafuna ukumbulala na?
26 Bheka, ukhuluma obala, kabasho lutho kuye. Kungaba ngukuthi ababusi sebazi isibili ukuthi lo unguKristu na?
27 Kodwa lo siyamazi lapho evela khona; kepha uKristu, nxa efika, akakho owazi lapho evela khona.”
28 Ngakho uJesu wamemeza efundisa ethempelini, wathi: “Niyangazi, niyazi futhi ukuthi ngivelaphi; mina-ke angizizelanga, kodwa ongithumileyo uqinisile, eningamaziyo nina.