17 Yebo, kulotshiwe nasemthethweni wakini ukuthi ubufakazi babantu ababili bungobuqinisileyo.
18 Mina ngingozifakazelayo; noBaba ongithumileyo ufakaza ngami.”
19 Base bethi kuye: “Uphi uyihlo na?”UJesu waphendula ngokuthi: “Anazi nami naBaba; uma beningazi mina, nga nimazi noBaba.”
20 Lawo mazwi wawakhuluma ngasemphongolweni weminikelo efundisa ethempelini; akubangakho ombambayo, ngokuba isikhathi sakhe sasingakafiki.
21 Khona waphinda wathi kubo: “Ngiyamuka mina, niyakungifuna, nifele ezonweni zenu; lapho ngiya khona mina, ningeze nina.”
22 Base bethi abaJuda: “Imbala uzakuzibulala yini, lokhu ethi: ‘Lapho ngiya khona mina, ningeze nina,’ na?”
23 Wathi kubo: “Nina ningabaphansi, mina ngingowaphezulu; nina ningabaleli zwe, mina angingowaleli zwe.