2 Ekuseni kakhulu wabuye weza ethempelini; abantu bonke beza kuye; wayesehlala phansi, wabafundisa.
3 Kepha ababhali nabaFarisi baletha kuye owesifazane ebanjwe ephinga; sebemmise phakathi kwabo,
4 bathi kuye: “Mfundisi, lo wesifazane ubanjwe esoqotsheni lokuphinga.
5 Emthethweni uMose wasiyala ngabanje ukuba bakhandwe ngamatshe. Pho, wena uthini na?”
6 Bakusho lokho bemlinga, ukuze babe nokummangalela.Kepha uJesu wakhothama, waloba ngomunwe emhlabathini.
7 Wathi besambuza njalo, walulama, wathi kubo: “Ongenasono phakathi kwenu kaqale amphonse ngetshe.”
8 Waphinda wakhothama, waloba emhlabathini.