24 Ngakho-ke ngathi kini nizakufela ezonweni zenu; ngokuba uma ningakholwa ukuthi nginguye, nizakufela ezonweni zenu.”
25 Base bethi kuye: “Wena ungubani na?”Wathi kubo uJesu: “Lokho enganitshela khona kwasekuqaleni.
26 Nginezinto eziningi enginokuzikhuluma nokwahlulela ngani, kepha ongithumileyo uqinisile, nami engakuzwa kuye ngikukhuluma ezweni.”
27 Kabazanga ukuthi ukhuluma kubo ngoYise.
28 Wayesethi uJesu: “Nxa seniyiphakamisile iNdodana yomuntu, khona-ke nizakwazi ukuthi nginguye nokuthi angenzi lutho ngokwami, kodwa ngikhuluma lokhu njengokuba uBaba engifundisile.
29 Ongithumileyo unami, kangishiyanga ngedwa, ngokuba ngenza njalo okuthandeka kuye.”
30 Esakhuluma lokho, abaningi bakholwa nguye.