56 U-Abrahama uyihlo wathokozela ukubona usuku lwami, walubona, wajabula.”
57 Base bethi kuye abaJuda: “Awukabi naminyaka engamashumi ayisihlanu, kanti u-Abrahama usuke wambona na?”
58 UJesu wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Engakabikho u-Abrahama, ngangikhona mina.”
59 Base bethatha amatshe ukuba bamkhande. Kepha uJesu wasithela, waphuma ethempelini.