21 kepha ukuthi usebona kanjani kalokhu asazi, nokuthi ngubani ovule amehlo akhe asazi; mbuzeni yena, usekhulile, uzozikhulumela yena.”
22 Abazali bakhe basho lokho, ngokuba besaba abaJuda. Ngokuba abaJuda base bevumelene ngokuthi, uma ekhona ovuma ukuba unguKristu, kakhishwe esinagogeni.*
23 Ngakho-ke abazali bakhe bathi: “Usekhulile, mbuzeni yena.”
24 Bambiza-ke ngokwesibili lowo muntu owabeyimpumputhe, bathi kuye: “Mnike uNkulunkulu udumo; thina siyazi ukuthi lowo muntu uyisoni.”
25 Yena wayesephendula ethi: “Nokuba uyisoni angazi; kunye engikwaziyo, ukuthi bengiyimpumputhe, manje sengiyabona.”
26 Bathi-ke kuye: “Wenzeni kuwe na? Uwavule kanjani amehlo akho na?”
27 Wabaphendula wathi: “Kade nginitshela, kepha anizwanga; nifunelani ukuzwa futhi na? Niyafuna yini nani ukuba ngabafundi bakhe na?”