26 Bathi-ke kuye: “Wenzeni kuwe na? Uwavule kanjani amehlo akho na?”
27 Wabaphendula wathi: “Kade nginitshela, kepha anizwanga; nifunelani ukuzwa futhi na? Niyafuna yini nani ukuba ngabafundi bakhe na?”
28 Bamthuka bathi: “Nguwe ongumfundi wakhe, kepha thina singabafundi bakaMose.
29 Siyazi ukuthi uNkulunkulu wakhuluma kuMose, kodwa lo asimazi lapha evela khona.”
30 Waphendula lowo muntu, wathi kubo: “Lokhu kuyisimangaliso ukuthi nina anazi lapho evela khona, ingani uvule amehlo ami.
31 Siyazi ukuthi uNkulunkulu akazizwa izoni, kodwa uma umuntu emesaba uNkulunkulu, ayenze intando yakhe, uyamuzwa lowo.
32 Selokhu kwathini akuzange kuzwakale ukuthi ukhona owavula amehlo ozelwe eyimpumputhe.