1 Wasuka lapho, weza emikhawulweni yaseJudiya nangaphesheya kweJordani; izixuku zabuye zabuthana kuye, waphinda wabafundisa abantu njengokujwayela kwakhe.
2 Kwase kusondela kuye abaFarisi, bambuza ukuthi kuvunyelwe yini ukuba indoda ilahle umkayo, bemlinga.
3 Waphendula, wathi kubo: “UMose waniyala ngokuthini na?”
4 Bathi: “UMose wavuma ukuba kulotshwe incwadi yesahlukaniso, alahlwe.”
5 UJesu wayesethi kubo: “Ngenxa yobulukhuni benhliziyo yenu wanilobela lowo myalo.
6 Kepha kusukela ekuqaleni kokudalwa uNkulunkulu wabenza owesilisa nowesifazane.