10 UKushe wazala uNimrode; yena waqala ukuba ngonamandla emhlabeni.
11 UMisirayimi wazala amaLudi, nama-Anami, namaLehabi, namaNafetuhi,
12 namaPatrusi, namaKasuluhi, lapho kwavela khona amaFilisti, namaKafitori.
13 UKhanani wazala uSidoni, izibulo lakhe, noHeti,
14 namaJebusi, nama-Amori, namaGirigashi,
15 namaHivi, nama-Arki, namaSini,
16 nama-Arvadi, namaSemari, namaHamati.