1 Izikronike 8 ZUL59

Umndeni kaSawule wesizwe sakwaBenjamini

1 UBenjamini wazala uBela izibulo lakhe, no-Ashibeli owesibili, no-Ahara owesithathu,

2 noNoha owesine, noRafa owesihlanu.

3 UBela wayenamadodana: ngo-Adari, noGera, no-Abihudi,

4 no-Abishuwa, noNahamani, no-Ahowa,

5 noGera, noShefufani, noHuramu.

6 Nanka amadodana ka-Ehudi, izinhloko zezindlu zawoyise zabakhe eGeba, ezathunjelwa eManahati,

7 zathunjwa ngoNahamani, no-Ahiya, noGera owazala o-Uza no-Ahihudi.

8 UShaharayimi wazala abantwana ezweni lakwaMowabi esemukisile oHushimi noBahara omkakhe.

9 Wazala kuHodeshi umkakhe oJobabi, noSibiya, noMesha, noMalikamu,

10 noJewuse, noShakiya, noMirima. Labo babe ngamadodana akhe, izinhloko zezindlu zawoyise.

11 Wazala kuHushimi o-Abithubi no-Eliphahali.

12 Amadodana ka-Eliphahali: ngo-Ebere, noMishamu, noShemedi, abakha i-Ono neLodi nemizana yawo,

13 noBeriya, noShema, ababe yizinhloko zezindlu zawoyise zabakhe e-Ajaloni, abaxosha abakhe eGati;

14 no-Ahiyo, noShashaki, noJeremoti,

15 noZebadiya, no-Aradi, no-Edere,

16 noMikayeli, noJishipha, noJoha, amadodana kaBeriya,

17 noZebadiya, noMeshulamu, noHiziki, noHebere,

18 no-Ishmerayi, noJiziliya, noJobabi, amadodana ka-Eliphahali,

19 noJakimi, noZikiri, noZabidi,

20 no-Eliyenayi, noSilethayi, no-Eliyeli,

21 no-Adaya, noBeraya, noShimrati, amadodana kaShimeyi,

22 noJishiphani, no-Ebere, no-Eliyeli,

23 no-Abidoni, noZikiri, noHanani,

24 noHananiya, no-Elamu, no-Anithothiya,

25 no-Ifideya, noPhenuweli, amadodana kaShashaki,

26 noShamusherayi, noShehariya, no-Athaliya,

27 noJahareshiya, no-Eliya, noZikiri, amadodana kaJerohamu.

28 Labo babe yizinhloko zezindlu zawoyise, izinhloko ezizukulwaneni zabo, bahlala eJerusalema.

29 EGibeyoni kwahlala uyise kaGibeyoni ogama lomkakhe lalinguMahakha;

30 izibulo lakhe lalingu-Abidoni, kanye noSuri, noKishi, noBali, noNadabi,

31 noGedori, no-Ahiyo, noZekeri.

32 Kepha uMikiloti wazala uShimeya. Nabo bahlala nabafowabo eJerusalema malungana nabafowabo.

33 UNeri wazala uKishi; uKishi wazala uSawule; uSawule wazala oJonathani, noMaliki Shuwa, no-Abinadaba, no-Eshi Bali.

34 Indodana kaJonathani yayinguMeribi Bali; uMeribi Bali wazala uMika.

35 Amadodana kaMika: ngoPhithoni, noMeleki, noThareya, no-Ahazi.

36 U-Ahazi wazala uJehohada; uJehohada wazala o-Alemeti, no-Azimaveti, noZimri; uZimri wazala uMosa;

37 uMosa wazala uBineya; uRafa wayeyindodana yakhe; ngu-Eleyasa indodana yakhe, ngu-Aseli indodana yakhe;

38 u-Aseli wayenamadodana ayisithupha; amagama awo yilawa: o-Azirikamu, noBokeru, no-Ishmayeli, noShehariya, no-Obadiya, noHanani. Bonke labo babe ngamadodana ka-Aseli.

39 Amadodana ka-Esheki umfowabo: ngu-Ulamu izibulo lakhe, noJewushe owesibili, no-Elifeleti owesithathu.

40 Amadodana ka-Ulamu ayengamaqhawe anamandla, ansala umnsalo; ayenamadodana amaningi namadodana amadodana amaningi, eyikhulu namashumi ayisihlanu. Labo babe ngamadodana kaBenjamini.

Izahluko

1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29