1 Izikronike 13 ZUL59

Umphongolo kaNkulunkulu ususwa eKiriyati Jeharimi

1 UDavide welulekana nezinduna zezinkulungwane nezamakhulu, nabaholi bonke.

2 UDavide wathi kulo lonke ibandla lakwa-Israyeli: “Uma kukuhle kini, uma kuvela kuJehova uNkulunkulu wethu, masihlakazeke sithumele kubafowethu abasele ezweni lonke lakwa-Israyeli kanye nabapristi namaLevi emizini yabo enamadlelo ukuba babuthane kithi,

3 sibuyisele kithi umphongolo kaNkulunkulu wethu, ngokuba asiwufunanga ezinsukwini zikaSawule.”

4 Lonke ibandla lathi liyakwenze njalo, ngokuba leyo nto yayilungile emehlweni abo bonke abantu.

5 UDavide wayesebutha wonke u-Israyeli kusukela eSihori laseGibithe kuze kube sekuyeni eHamati ukususa umphongolo kaNkulunkulu eKiriyati Jeharimi.

6 UDavide wenyukela kanye naye wonke u-Israyeli eBahala, okungukuthi iKiriyati Jeharimi elalingelakwaJuda, ukukhuphula khona umphongolo kaNkulunkulu uJehova ohlezi phezu kwamakherubi,* owawubizwa ngegama lakhe.

7 Bawuhambisa umphongolo kaNkulunkulu ngengqukumbane entsha, bewukhipha endlini ka-Abinadaba; o-Uza no-Ahiyo bashayela ingqukumbane.

8 UDavide naye wonke u-Israyeli bathokoza ebusweni bukaNkulunkulu ngamandla onke ngamahubo, nangamahabhu,* nangezingubhu, nangezigubhu, nangamasimbali,* nangamacilongo.

9 Ekufikeni kwabo esibuyeni sikaKidoni u-Uza welula isandla sakhe ukubamba umphongolo, ngokuba izinkabi zashelela.

10 Intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Uza, wamshaya, ngokuba welulela isandla emphongolweni; wafela khona lapho phambi kukaNkulunkulu.

11 UDavide wadabuka ngokuba uJehova emhlasele u-Uza, wayibiza leyo ndawo ngokuthi iPheresi-Uza* kuze kube namuhla.

12 UDavide wamesaba uNkulunkulu ngalolo suku; wathi: “Ngizakuletha kanjani umphongolo kaNkulunkulu kimi na?”

13 UDavide akawuyisanga umphongolo kuye emzini kaDavide, kepha wawubuyisela eceleni endlini ka-Obede Edomi umGiti.

14 Umphongolo kaNkulunkulu wahlala nabendlu ka-Obede Edomi endlini yakhe izinyanga ezintathu; uJehova wayibusisa indlu ka-Obede Edomi nakho konke anakho.

Izahluko

1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29