47 Wafa uHadadi; uSamla waseMasireka waba yinkosi esikhundleni sakhe.
48 Wafa uSamla; uShawule waseRehoboti ngaseMfuleni* waba yinkosi esikhundleni sakhe.
49 Wafa uShawule; uBali Hanani indodana ka-Akibori waba yinkosi esikhundleni sakhe.
50 Wafa uBali Hanani; uHadadi waba yinkosi esikhundleni sakhe; igama lomuzi wakhe laliyiPhahi; igama lomkakhe lalinguMehetabeli indodakazi kaMatiredi, indodakazi kaMezahabi.
51 Wafa uHadadi; abanumzane bakwa-Edomi kwakuyilaba: umnumzane uThimna, nomnumzane u-Aliya, nomnumzane uJeteti,
52 nomnumzane u-Oholibama, nomnumzane u-Ela, nomnumzane uPhinoni,
53 nomnumzane uKenazi, nomnumzane uThemani, nomnumzane uMibisari,