4 USawule wayesethi odibini lwezikhali zakhe: Hosha inkemba yakho, ungigwaze ngayo, funa labo abangasokile bafike, bangone. Kepha aluvumanga udibi lwezikhali zakhe, ngokuba lwesaba kakhulu. Ngalokho uSawule wayithatha inkemba, wawela phezu kwayo.
5 Udibi lwezikhali zakhe selubonile ukuthi uSawule ufile, lwawela nalo phezu kwenkemba, lwafa.
6 Wafa-ke uSawule namadodana akhe amathathu; nendlu yakhe yonke yafa kanyekanye.
7 Lapho bonke abantu bakwa-Israyeli ababe sesigodini bebona ukuthi babaleka nokuthi uSawule namadodana akhe bafile, bashiya imizi yabo, babaleka; amaFilisti afika, ahlala kuyo.
8 Kwathi ngangomuso, lapho amaFilisti efika ukuphanga ababuleweyo, afumana uSawule namadodana akhe bewile entabeni yaseGilibowa.
9 Amphanga, athatha ikhanda lakhe nezikhali zakhe, akuthuma ezweni lamaFilisti nxazonke ukukumemezela kuzo izithombe zawo nakubantu.
10 Azibeka izikhali zakhe endlini yawonkulunkulu bawo, abethela ikhanda lakhe endlini kaDagoni.